ILayisense yobuSakazi beMiphakathi inenhloso yokuhlangabezana nezidingo zobusakazi kumphakathi ukufinyelela kwiminyaka emine. Iyavuseleleka, ngaphansi kwesimo sokuthi wenze isicelo sokuvuselela ilayisense kungafiki izinyanga eziyisithupha futhi kungakadluli izinyanga ezintathu ngaphambi kosuku lokuphela kwesikhathi selayisense ekhona. Ivuseleleka kuphela ngaphansi kwesimo sokuthi onelayisense ulandela izimo ezibekwe yiziphathimandla zelayisense. Ilayisense inikezwa imiphakathi efuna ukusungula inkampani engu-Section 21, iTrust, ivoluntary association noma okunye okuyinhlangano evunyelwe ngumthetho engenzi inzuzo.
ikuqhubela phambili ilungelo lokuxhumana kanye nokukhululeka ukuveza imibono novo ukwenzela ukuthi kube nemikhakha ehlukahlukene yezokusakaza embonini ukubandakanya imiphakathi njengabakhiqizi, omininjela kanye nabalaleli ekwenziweni kwezokuxhumana nokuxhumanisa ukuba yizwi lemiphakathi ukwenziwa kwezinhlelo ezikhombisa okuthokozelwayo okuyisipesheli kanye nezidingo zesipesheli zomphakathi, okubandakanya amasiko, ulwimi, izinkolo kanye nezidingo zokuhleleka kwemikhakha ehlukene yomphakathi.
Ilayisense isebenza iminyaka emine.
UMnyango wezokuXhumana usekela abamalayisense yeminyaka emine ngobusakazi kanye nemishini yokukhiqiza , kodwa uma belandela izidingo zoMnyango.
I-ICASA izokhipha isimemo sokwenza isicelo senkonzo yobusakazi bomphakathi kanye nokunikeza ngamafrikhwensi akhona ezindaweni ezehlukene.
Sungula iqembu lokusebenzisana elizobhekana nenqubo yesicelo kanye nokuba ngumenzi wesicelo egameni lomphakathi.
ukuqoqa amasignesha emphakathini ukubhala iplani yebhizinisi ukugqugquzelela ukukhethwa kwamalunga eBhodi ngenqubo yedimokhrasi ukubheka indawo isiteshi sokusakaza esizosakazela kuyo.
Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu.
Fakelani ifomu lesicelo lokuqala kanye namakhophi aqinisikisiwe angu-16 kwabe ICASA nemali yesicelo.
Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.
Kungathatha izinyanga ezingu-3 ukuya kwezingu-4.
U-R250 wokukhipha ilayisense ngemuva kokuba isivunyelwe.
Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yesheduli yeGazethi kaHulumeni.
